Kutholakale owesifazane, indodakazi yakhe kanye nomzukulu wakhe beshonile eNgogo, eNewcastle KwaZulu-Natal.
Abahlali bakulendawo bakhala ngesihluku ngemuva kokuzwa izindaba zokubulawa kukaNomthandazo Ximba utholwe eshonile kanye nendodakazi yakhe noMama wakhe.
Laba batholakale bebulewe ekhaya kusolakala isisebenzi sabo.Aungacaci ukuthi babulawe kanjani umsolwa kubikwa ukuthi ugcwele amathafa.
Amaphoyisa ayaphenya ngaloludaba.