UKhomishana kaZwelonke we-SAPS, uGeneral Fannie Masemola ukwamukele ukuboshwa kwamaphoyisa amathathu, oConstable amabili kanye noSayitsheni. Laba abathathu kusolakala ukuthi baphuce owesilisa umakhalekhukhwini e-Welkom. Lokhu kwenzeke eduze kwe-filling station ngomhlaka-1 Julayi 2024.
Laba Basolwa oyedwa wabo okungowesifazane, kuthiwa babhozomela lomlisa ndawana thize eesifundazweni saseFreestate endaweni yaseWelkom maqede bamephuca umakhalekhukhwini wakhe. Noma kungakaziwa ukuthi inhloso kwakuyini, kodwa lomlisa wavula icala okuholele ukuthi kuboshwe lamaphoyisa.