UMoshe Thobela (Obizwa ngokuthi TK) 33, utholwe enecala futhi wagwetshwa yiNkantolo Eyisipesheli yakwaSkukuza ngoLwesihlanu, 12 July 2024, ngokuphula uSec 57 (1) of Act10 2004 – ukutholakala nezimpondo ezimbili zobhejane.
Lesi sigwebo silandela ngemuva kophenyo olude oluqhutshwe yi-Serious Organised Crime Investigation yaseNelspruit neMiddelburg kanye ne-Wildlife Trafficking Head Office, i-Counter CI Head Office, i-KNP Rangers kanye noMshushisi u-Adv M Mashuga wasePitoli DPP.
Isigwebo siphume ku-Project: Broadbill, obekuhloswe ngayo ukubhekana nokushushumbiswa kobhejane.
Mhla ziyi-12 kuNhlangulana wezi-2018, uThobela nabanye abehamba nabo baboshelwe ukudayisa nokutholakala nezimpondo zobhejane ezimbili.
Ngemuva kochungechunge lokuvela enkantolo, uThobela watholwa enecala wagwetshwa ngoLwesihlanu, 12 July 2024, kanje: u-R150 000.00 noma iminyaka emithathu ejele. Uphinde watshelwa ukuthi akakulungele ukuba nesibhamu.
INhloko yesiFundazwe uMajor General Gerber usamukele lesi sigwebo futhi washayela ihlombe ithimba lezinhlaka ezehlukene ngomsebenzi owenziwe.
INhloko yesiFundazwe iphethe ngokunxusa umphakathi ukuthi ushaye ikhwela kulezi zigebengu ezingenanhliziyo eziphanga izilwane zethu zasendle.