UNdunankulu omusha wase-KZN uThami Ntuli uthi ukubhekana nobugebengu yikhona okuzoba seqhulwini ezinhlelweni zekhabhinethi yakhe. UNtuli ufungise ngoLwesibili eMgungundlovu waqoka isigungu samaqembu amaningi okuhlanganisa amalungu e-IFP, ANC, DA neNFP.
Usethuthele ehhovisi lakhe ezokuPhepha koMphakathi ukuze abeke eqhulwini ukulwa nobugebengu.
Khona manjalo udalule ukuthi kwadutshulwa kwabulawa abesifazane abayisithupha eMnambithi ngoMsombuluko.
UNtuli uchazele abezindaba ngezinto ezibalulekile kwikhabhinethi ngemuva kokubekwa kwakhe esikhundleni.
“Izingqinamba ezidla lubi ngokuntuleka kwemisebenzi, ubugebengu, ukungazinzi, umnotho, okuyinto engabasebenzeli abantu bakithi,” kusho uNtuli.
“Kubalulekile ukuthi silethe uzinzo kulesi sifundazwe nezokuphepha ukuze udaba lobugebengu okuyizinto ezikhonya ngendlela enomthelela esinqumweni sabatshali zimali sokuthi beze bazotshala imali kulesi sifundazwe.
“Okubalulekile ukuthi sihehe abatshalizimali siqinisekisa ukuthi ingqalasizinda lapha iyabasebenzela.
UNtuli uqokwe ukuthi ahole isifundazwe ngemuva kwesivumelwano sokusebenzisana kwamaqembu ahlukene phakathi kwe-IFP, DA, NFP ne-ANC.