Izakhamizi zasePlazini iVezukukhanya endaweni yase Bhoweni eBergville bawotha ubovu njengoba besola uMnumzane Mbali Makhubo wasebenzisa ubuqili ukuze athole uxhaso ebhange iThala nase Mnyangweni wezokuthuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal.
Usihlalo we komidi labahlali bakuleli plazi uMnumzane Mbongeni Shabalala nekomidi lakhe bamangalele uMakhubo enkantolo yaseBergville lapho bekhala ngokuthi uMakhubo wakokotela imininingwane yabo ukuze athole uxhaso ebhange laseThala.
Baphinde bathi uMakhubo akusiye owokuzalwa kuleliPlazi ngoba ubabawakhe wamuthola ngaphandle komshado ngakho akanalo ilungelo lokusebenzisa iPlazi leli ngendlela athanda ngayo futhi uma enza izinto akalibikeli ikomid,i uyazenzela nje ngaphandle kokulandela imithetho eyabekwa ePlazini yikomidi elangamele iplazi.
UMnuz Makhubo uhlomule ngezinkomo ezingamakhulu amabili namashumi ayisithupha nambili (262) kuxhaso lwebhange iThala. Lezi zinkomo zidle isizimbulu engu R5,8 Milion.
UMakhubo uthi leli Plazi balithola ngo1996 belithengelwa uhulumeni, uthi bengumndeni wakwa Makhubo nabo bayinxenye yaleli Plazi.
Uthi uyazi ukuthi bakhona abangahambisani naleli bhizinisi lakhe lezinkomo kodwa vele eplazini iPolitiki yakhona inomona phakathi ngoba bona abazange bacabange ukuyofuna uxhaso kuhulumeni yikho bemulwisa nje.
Uthi leli Plazi lihlukene izikhawu eziyisithupha umuntu nomuntu usebenzisa inxenye yakhe akekho ovumeleke ukuthi ayofaka izinkomo enxenyeni yomunye.
Lowomthetho uyawazi yikho izinkomo lezi azitholile zihlala enxenyeni yakubo.
Uthi bathi yena akazalelwanga emshadweni akumele abe yinxenye yeplazi kodwa yena wazi ukuthi ungowakwaMakhubo kodwa uyaqonda ukuthi umona wase Plazini nje.
Akaphikanga ukuthi ikomidi belimumangalele enkantolo yaseBergville washo ukuthi kunephutha ebelikhona kodwa akafunanga ukugxila kulo uveze ukuthi inkantolo imshaye ngoswazi oluncane ngalelo phutha kwadlula.
UMakhubo uthi iphupho lakhe ukuthi abe nePlazi lakhe ukuze akwazi ukuqhubeka nalomsebenzi wokufuya izinkomo aphinde azidayise ubonge kakhulu iThala nomnyango wezokuthuthukisw koMnotho KwaZulu-Natal ngokumlekelela ukufeza iphupho lakhe.