UZanele Mbokazi ngumsakazi wohlelo “Eshilo” OKhoziniFM uphumela obala ngokugula kwakhe esemsebenzini ngeviki eledlule wacela abazalwane ukuba bamkhulekise.
Izolo ube esengeniswa eTheater esibhedlela abelokhu elaliswe kusona esingadalulwanga nokuyilapho aqale wavakashelwa ngabafundisi abahlukene esingabala kuwo uMfundisi Rev Gumbi .
Ukugula kukama Zet kwaqala efika emsebenzini ekuseni ngomhlaka 21 April 2024 waphathwa yisibhobo wangakwazi ukusebenza uhlelo kwaphoqeleka ukuba lubanjwe uMaMkhize Ndlovu.
NgeSonto ubuyelile emsebenzini ezizwa esephilile kodwa uthe efika ukugula kwaqala phansi, iphimbo lakhe lahoshozela kakhulu, nomoya ewudonsa kanzima kwaba sengathi unephika.
Njengamanje uZanele uthi usephumile eTheater kodwa usebhekene nezinhlungu nje, abalandeli bakhe baqinisekisa ukumbeka emkhulekweni ukuze aphume esebhedlela aphinde alulame ngokugcwele.
uThixo uhamba nawe Big fish ufihliwe esandleni esinamandla soze bakwenzento ,ndiyazi akholula uthenga into obunayo but uzobanayo imoto in Jesus name as long imiphefumlo wakho usindile.Amen
Phila ccZanele ngegama likaYesu,amalungu akho omzimba mawathobele ilizwi likaThixo elithi ngemivumba kaKrestu uYesu siphilisiwe. nguYesu yedwa onamandla okuphilisa.Kholwa ukuba sowuphilile in Jesus name ,I pray Amen.
Loko esivumelana ngakho emhlabeni nasezulwini kuyavunywa…sithi singumzimba kaKrestu ngemivimbo kaJesu emele izigulo zethu uphilisiwe siyavumelana ngaphezu kwempilo yakho egameni elinegunya igama lika Jesu siyathandaza.Amen
Uthixo engathi engalula isandla Sakhe
Esimnene MamuZanele ululame ngokushesha.siyalixosha lelidimoni Loku
Gula lulama .ngegama nangegazi likaJesu
lomzimba ungokajehova.syakuxosha ukugula manje in Jesus name philla
Phila manje.!!!amen