SIPHINDE SAHLEHLA ISICELO SEBHEYILI SOWADLWENGULA INDODAKAZI YAKHE EBERGVILLE.
UMlungisi Hlongwane ongubaba weNkosi yaMangwane uNontobeko Hlongwane uvele enkantolo yaseBergville osukwini lanamuhla ngecala lokudlwengula.
UMlungisi usolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe ephindelela kusukela ngenyanga kaZibandlela nyakenye wasabisa ngokuyibulala.
Lomlisa ubesandakudedelwa ejele ngohlelo lukahulumeni lukashwele ngecala lokudlwengula, nokwamenza wangafaneleka ukuqhoqhobala esihlalweni sobukhosi wabe eseqoka indodakazi yakhe njengebamba kulesikhundla.
Kanti namuhla inkalo yase Bergville ibigcwele iphuphuma amalunga omphakathi azophikisana nokuthi umsolwa athole ibheyili.
Owesifaza obethukuthele ethelwa ngamanzi utshele abezendaba ukuthi bakhathele bengabantu besifazane ukuhlukunyezwa ngamadoda nokunyukubezwa ngokocansi.
Enye yeziNduna zamangwane uKhumalo ithi noma icala lingahlehla kodwa into abayilindele kwi Nkantolo ukuthi uMnu Mlungisi Hlongwane angalinge athole ibheyili ngoba uyingozi kubantu besifazane nasezinganeni zama ntombazane. Futhi bakhathele manje ilezingameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ezenzeka eMangwaneni.
Inkantolo ithi isidinga isikhashana sokuyocwaninga lesicelo esifakwe ngu Mnu Hlongwane kuningi ekumele ikubheke ngaphanmbi kokuba ikhiphe isinqumo sebeyili.
Lelicala lihlehlele umhlaka 20 May 2024 ukuze kuphume isinqumo sebheyili kanti iNkosi uNontobeko namanje isasekubhaceni.