Umsolwa oneminyaka engu-30 ubudala waseNanda KwaZulu-Natal uboshwe ngokushesha ngemuva kwezinsolo zokudubula abulale usihlalo wenhlangano yama-meter taxi ePretoria Central ngoLwesibili ebusuku.
Ngokusho kwamaphoyisa umsolwa utholwe nesi sibhamu okukholakala ukuthi yisona esasetshenziswa ekubulaleni.
Okhulumela amaphoyisa, uLt Colonel Mavela Masondo, uthe umsolwa osesibhedlela ugadwe ngamaphoyisa uzobhekana necala lokubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yasePitoli uma nje ephuma esibhedlela.
UMasondo uthe amaphoyisa kaloliwe abesesiteshini sesitimela ePitoli ngesikhathi ezwa umsindo wokuqhuma kwesibhamu.
“Amalungu aphuthume endaweni yesigameko abona owesilisa ephethe isibhamu egijima ebheke ngasenkabeni yedolobha. Ngesikhathi ecelwa ukuba ame umsolwa udubule ebhekise emaphoyiseni kanti amaphoyisa avele adubula. Umsolwa walimala ngaphambi kokuba aboshwe. Umsolwa utholwe nesibhamu nezinhlamvu,” kusho uMasondo.
Umufi kuthiwa ushonile endaweni yesigameko.
“Kusaqhubeka uphenyo ukuze kutholakale ukuthi umsolwa uyathinteka yini kwamanye amacala, ikakhulukazi lawo ahlobene nodlame lwamatekisi,” usho kanje.