Ungqongqoshe wezamanzi nokuthuthwa kwendle kuzwe lonke uMnnmzane Senzo Mchunu uhlangane nomphakathi wase Zakheni ukuzokwethulela umbiko wocwaningo ngodaba lokuhlinzeka ngamanzi kanye nokuthuthwa kwendle ngaphansi kwesifunda uThukela.
UMchunu uthi uke waba nomhlangano nomphakathi wase Zakheni ekupheleni konyaka ophelile.
lapho umphakathi wawudlulisa ukukhathazela kwawo ngokuhluleka koThukela ukubahlinzeka ngamanzi nokulungisa indaba yendle.
uMchunu uthi wabuyela ehhovisi basungula ithimba elalizobheka okwashiwo umphakathi ukuthi kuliqiniso yini.
Uveze ukuthi lelithimba lifike labheka lathola ukuthi konke okwakushiwo umphakathi kuliqiniso futhi laze laveza nobufakazi.
UMchunu uthi umbiko ukhombisa ukuthi uThukela alwenzi kahle ekuhambiseleni abantu amanzi ahlanzekile kanjalo nokuthuthwa kwendle okusezingeni.
“Sihlanganile nezikhulu zoThukela okubalwa umeya womkhandlu iNkosi uShabalala kanye nemenenja yomkhandlu lapho nabo besizobathulela lombiko nokuzwa ukuthi bayahambisana yini nawo.
Sinike umanenja nethimba lakhe ithuba lokuthi bayavumelana noma bayaphisisana nalombiko othi uThukela alwenzilahle ekuhambiseni amanzi kanjalo nendle emphakathini.
Umkhandlu uvumelene nombiko othi abenzi kahle futhi abaphikisananga nombiko wethu baze bangeza nokunye.
Yingakho njengomnyango sinqume ukuthi siphuce umkhandlu uThukela ilungelo lokuhlinzeka gamanzi kanye nokuthuthwa kwendle.
Singu Mnyango sibone ukuthi uMngeni Water akube yiwo othatha umsebenzi ukuze abantu bazothola amanzi balungiselwe nendla.