Bawotha ubomvu abazali babantwana abafunda eNcinjane Secondary eMnambithi endaweni yasePieters.
Labazali bakhala ngothisha ufundisa abantwana bakamatikuletsheni isifundo sezibalo kanye ne Natural Science ophuza utshwala nangezikhathi zokufundisa bathi izifundo azifundisayo zibubucayi zidinga uThisha azinikele abesesikoleni ngaso sonke isikhathi afundise kahle ukuze izingane zabo zizophasa.
Uthisha kuthiwa kwala ukuthi ahole nje ngomhlaka15 kuyokuba bamgcinile kuyenzeka angayi emsebenzini amaviki amabili onke kuze kudingeke ukuba uThishanhloko amthungathe ezindaweni zotshwala ukuze abuye emsebenzini.
Iphephandaba uThukela News libe nengxoxo nozibize ngomzali nolandise wathi yebo kona uthisha uyaphuza kodwa abezemfundo bathembisile ukumfunela usizo bese beletha ozofundisa ngesikhathi esahlumeleliswa kodwa inkulu indaba engaphakathi lothisha kukhona omzondayo ngaphakathi ohlohla abazali kanye nabantwana ukuthi babhikishele lothisha. Lomzali uqhube wathi kunothisha abakopelisa abantwana kuzo zonke izivivinyo yingakho lesisikole besiphasa kahle eminyakeni eyedlule.