Inkampani yonogada ixwayisa izakhamizi zaseBallito naseStanger ukuthi ziqinise ezokuphepha ezindlini ngemuva kokwebiwa kwemibhoshongo yeGas.
“Imibiko yakamuva ikhombisa umkhuba wobugebengu lapho amasela angosomathuba engena emagcekeni noma eqa uthango ukuyontshontsha izigujana zegesi, kungakhathaliseki ukuthi zingakanani,” kusho uCraig Burden, imenenja yegatsha lakwaFidelity ADT Ballito.
Lo mkhuba uke waziwa eBallito naseStanger, njengoba sekubikwe izigameko eziningi ezindaweni eziningi kwaZulu-Natali.
Kuye kwabikwa izigameko ezintsha ezindaweni eziningi ezehlukene okubalwa kuzo indawo yasemnambithi, eMpangenin Newcastle nakwezinye eziningi.
UBurden uthi usola ukuthi inkinga yokucinywa kukagesi edale ukuthi amaGas abe ngenye yezinto ezisetshenziswa kakhulu kuleli esikhundleni sikagesi, lokhu sekudale ukuthi kwenyuke ukwebiwa kwawo.