Kushone umsenzi wenkontileka ngemuva kokushayiswa yimoto ephume emgwaqeni yamshayisa emva kokuthi umshayeli wayo ehluleke wancama ukuyilawula.
Ingozi yenzeke ekhoneni likaBulwer noWilson street, eduze koMnyango wezaseKhaya edolobheni eDandi, ngeSonto ntambama.
Umufi ubenabanye abasebenzi, bematasa belungisa ibhilidi elisekhoneni, ngesikhathi imoto yohlobo lwe-Audi iphaphalaza kuCommercial Road yangena lapho kwakhiwa khona.
I-Audi ibe isiphaphalaza yayongena endaweni eseduze, yafika yama.
Abezimo eziphuthumayo baphuthume ngokushesha, kodwa isisulu sashonela endaweni yesigameko. I-SAPS ithathe umshayeli yamusa esiteshini samaphoyisa. Uzobekwa icala lokubulala ngokungenhloso. Amanye amacala angase engezwe uma umshushisi omkhulu womphakathi esefunde idokodo, kusho amaphoyisa.
Labo abanamabhizinisi endaweni bathi lelijika ‘liyindawo eyingozi kakhulu’, njengoba kunezingozi eziningi ezibikwe khona ezinyangeni ezedlule. Abanye abantu ababili bashone ezingozini ezifanayo ezinyangeni ezedlule endaweni efanayo.
“Kuyingozi, njengoba imizila emihlanu ihlangana ejikeni elilodwa elicijile. Izimoto, okuhlanganisa namaloli, zigijima zehla zenyuka kuWilson Street futhi kufanele ziqaphele kakhulu kuleli jika. Iziphathimandla kumele zibheke ngenye indlela lapha ngaphambi kokuthi kufe abantu abaningi,” kusho isakhamuzi.