Umlingisi weshashalazi odumile waseThekwini uphakathi kwabasolwa ababoshiwe kumkhankaso ohlanganisa amaphoyisa noMnyango Wezokuphepha Kwasekhaya waseMelika ophenyweni lokushushumbiswa kwezithombe zocansi zabantwana.
Lomlingisi ngeke adalulwe kuze kube uyavela enkantolo.
KUBOSHWE abantu ababili e-KZN ngamacala okutholakala, ukudawuniloda, ukungena kanye nokukhiqiza izithombe zocansi zezingane, ngokusho kwamaphoyisa akwaSAPS.
Lokhu kuboshwa kwakamuva kwenyusa isibalo sababoshelwe lamacala saya ku-13 kulo mkhankaso ohlanganyelwe.
Ngasekuqaleni kwaleli sonto, amaphoyisa ophiko lwe-SAPS Family Violence, Child Protection, and Sexual Investigations Serial and Electronic Criminal Investigations Unit athole abasolwa endaweni yaseMbilo, KwaZulu-Natal.
Umsolwa we-12, owesilisa, 58, uboshwe ngoLwesibili olwedlule. Kuthiwa utholwe namakhulu ngamakhulu ezithombe namavidiyo aveza izingane zenza ucansi.
Ugcinwe esitokisini kulandela ukuvela kwakhe enkantolo ngoLwesine olwedlule, kusazoqhubeka uphenyo.
Umsolwa we-13, oneminyaka engu-62 ubudala, uboshwe ngoLwesithathu, nezinkulungwane zamafayela ezithombe zobulili ezingcolile kubikwa ukuthi kutholwe emishinini yakhe. Lokhu kuhlanganisa izithombe ezingcolile zezingane ezihlukunyezwa ngokocansi.
Emuva kokuboshwa kwakhe, uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ungenelele watakula izingane ezimbili ezincane ebezigcinwe ndawana thizeni ngaphandle kolwazi lwabazali babo.
Bobabili abasolwa bavele enkantolo ePinetown, kulindeleke ukuthi umbuso uphikise ibheyili.
Lokhu kuboshwa kuyingxenye yomkhankaso obanzi wokulwa nezithombe zocansi lwezingane eNingizimu Afrika yonkana, njengoba kwaboshwa ngaphambilini eGauteng naseWestern Cape ngo-2023.
UKhomishana weSAPS kuzwelonke uFannie Masemola uncome imizamo yamaqembu aphenyayo.