I-DA oThukela iphatheke kabi ngokudutshulwa kwelungu layo uBongani Sibisi erenki yase-Estcourt ngoLwesithathu ebusuku. Bafuna amaphoyisa abambe ogile lomkhuba ngokushesha.
Ilungu lePhalamende leDA, uMnuz Alf Lees, lithe ubugebengu buyinkinga enkulu ikakhulukazi kubantu abahlwempu. Uthe uSibisi ubeyindoda elungile efuna ethanda ukusiza abanye, manje umndeni wakhe ulahlekelwe umuntu obalulekile kuwo. Uphinde wathi uhulumeni akenzi okwanele ukunqanda ubugebengu.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi owesilisa oneminyaka engu-46 ubudala, owagcina ehlonzwe ngelikaSibisi, udutshulwe wabulawa erenki yamatekisi ngoLwesithathu. Okwamanje abazi ukuthi udutshulwelenii.
Okhulumela umndeni kaSibisi, uMnuz Samantha Sibisi, uthe lokhu akuhlangene nepolitiki. Uthe uSibisi ubenabanye abantu ababili ngesikhathi bezithela phezu kwesinye isikhulu samatekisi erenki yamatekisi. Omunye wabangani bakaSibisi waxabana nalomuntu base bekhipha izibhamu bobabili. Wathi ezama ukubavimba uSibisi wadubuleka.