Sekubekwe etafuleni isamba sika R20 000 kuloyo oyoba nolwazi lokuthi ngubani ogqekeze esiTudio sase-Afrotainment washaqa impahla yokurekhoda engabiza izigidi zemali.
Abaculi abaningi abasebenzisana noDj Tira okubalwa kubo uXowla, uDuncan kanye nabanye abaningi, babhale ezinkundleni zokuxhumana bezwelana nozakwabo uDj Tira ngalesi sehlo esimehlele. Ngokwemibiko, izolo ebusuku kugasele abalisa abangaziwa eStudio bafica kungekho muntu, maqede bagqekeza bathatha yonke into ebisestudio okuhlanganisa amaComputer, Mixer kanye namanye amathuluzi okwenza umculo.
Noma ingakaziwa imininingwane yokuthi kuntshotshwe impahla yamalini, kodwa uTira wake wakuveza ukuthi impahla ayisebenzisayo ukuze aqophe ibiza izigidi zamarandi.
Kuthiwa ongaba nomkhondo engathinta yena uTira noma athinte noma yimuphi umculi osebenzisana ne-Afrotainmnent.