Awayizwa kahle amaqembu aphikisayo ngaphansi kwesifunda uMzinyathi eyomklomelo ka R750.000 ozonikwa abazonqoba umngijimo weMangosuthu Ultra Marathon walonyaka.
Izinhlangano ezifana neSouth African National Civic Organization (SANCO), kanye neAfrican National Congress, (ANC) eMzinyathi bathi iningi kakhulu leMali ukuthi ingabekelwa abagijimi ekubeni umphakathi ungenawo amanzi ikakhuku eMvoti
I-SANCO ithi ayinqabile ukuthi kuthuthukiswe abagijimi kanjalo nezemidlalo kodwa umkhandlu awubheke umsebenzi wawo okunguku hlinzeka abantu ngamanzi.
Bafuna umkhandlu ubuyekeze isinqumo sawo ngalomklomelo ozonikwa abangijimi.
Ilunga lomphakathi laseMpilonde eNdumeni lithi abanamanzi eMpilonde baze bawalande eTholeni nakhona lapho eTholeni kuyenzeka bangawatholi ngoba nabo abanawo amanzi lento yemicimbi engenasidingo ayibasebenzeli bona bengabahlali base Mzinyathi.
Umkhandlu uMzinyathi ubhale enkundleni yezikuxhumana uFacebook ukuthi usukulungele ukusingatha umgijimo I-Prince Mangosuthu Ultra Marathon ngomhlaka 5 May.
Lomgijimo walonyaka uzosuka eDunndee uye eNquthu kanti uhlelwa nguMasipala wesiFunda uMzinyathi.
Uveze ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ubeke umklomelo wesizumbulu esingu R750 000 kubagijimi abazonqoba u52 km 21km,10km kanjalo 5km .