Ugcine umiswa umhlangano wabazali obuseskoleni iSizakahle Secondary School eRoosboom. Lomhlangano ubizwe isigubhukane ikomidi elangamele isikole nothisha omkhulu wale sikole.
Uthishomkhulu kanye nekomidi elangamele isikole belizotshela abazali ukuthi othisha balesikole bayavilapha abafuni ukufundisa izingane zabo.
Umhlangano uvele waphenduka inkundla yokuqophisana ngamazwi phakathi kuka thishanhloko kanye nothisha phambi kwabazali ebebese mhlanganweni.
Othisha basola uthishanhloko ngokuthi akasiphethe kahle isikole izinsiza zokusebenza azikho kanti nemeli yesikole ayibonakali ukuthi yenzani uhlulwa nawukuthenga umshini woku Printer amaphepha uma izingane zibhala.
Bathi futhi akabahloniph akabazi nokuthi bayisivalo saliphi ibhodo akanandaba nesikole.
Kanti ngakolunye uhlangothi uthishanhloko uthi Isabelo zimali zesikole sincane asikhoni ukwenza zonke izidingo zesikole. Ziningi izinto ekumele zikhokhelwe kanti imali yesikole incane kakhulu.
Othisha bathi bafuna ukubona leso sabelozimali ukuthi malini kusetshezelwe phezu kwaso.
Othisha bathi Kade bemubonisa uthishanhloko kodwa akezwa sebecela umunyango kube yiwona ongenelela kuloludaba.
Izingane zijikisiwe zoze zibuyele esikolweni mhla kwalungiswa umdonsiswano okhona phakathi kothisha no thishanhloko nekomidi elangamele isikole