I-National Freedom Party (NFP) izofaka isikhalo ku-Independent Electoral Commission (IEC), njengoba isola Inkatha Freedom Party (IFP) ngokungaziphathi kahle.
NgoMgqibelo iNFP ibinomcimbi wokwethula umqulu wayo wokhetho, lo mcimbi ububanjelwe ePrince Mangosuthu Stadium Olundi.
Ngesikhathi sekumele kukhulume uMengameli waleli qembu u-Irvin Barnes kuvele kwedlula indiza enophephela omhlane ebilengise ifulegi le-IFP elinobuso bomsunguli wayo uMntwana waKwaPhindangene.
Ngokusho kwesitatimende esibhalwe iNFP kuvela ukuthi amalunga ayo awasinambisisanga neze kahle lesi senzo amanye aze alisho ngembaba elokuthi “azoziphindiselela”.
“Sishaqekile, sidumele ngesenzo esifana nalesi. Sizothatha izinyathelo ezinqala ngokumelene nalokhu kuziphatha.
Nakuba sikwamukela ukuthi i-IFP inalo lonke ilungelo lokukhankasa ngokukhululeka, kodwa lokhu okwenzekile asivumelani nakho,” kusho isitatimende.