Umongameli weqembu lebhola lase Tunisia okuyi Esperance de Tunis uMnu Hamdi Meddeb usendlulise esikhulu isicelo lesi esibhekise kubadlali bakhe ngaphambi komdlalo omkhulu wanamuhla we caf champion league Semi final.
Ngemva kokuba leli qembu lasigcina isibhaxu ngomhlaka 01 ku Zibandlela nyakenye emdlalweni wamaqoqo beshaywa yi AL Hilal ngo 3-1 ekuhambeni, kodwa ngemva kwalokho bakwazile ukuthi bavuke bazithathe njengoba sekuphele imidlalo 15 kuyo yonke imiqhudelwano bengasazi isibhaxu Kanti nase mumva bavalile njengoba besangenelwe amagoli × 3 nje kuphela.
Nakuba umgqigqo besawubambile abafana baka Meddeb kodwa uthe lokho baze bangalinge balenze lelophutha lokuziqhayisa bezibone seboncono kuna masandawana njengoba bebonakala beqhuga kulezi nsuku. Uthe ukusho lokhu “Uma ungabheka imidlalo yabo 5 yakamuva yaleliqembu lase chloorkop uzovumelana Nami Uma ngithi lintekenteke kulezi nsuku ngisho ungabuza abafana abancane (University of Pretoria) bazovumelana nami, imidlalo yabo ye league izikhulumela yona” kuqhuba umongameli.
Ube esendlulisa umyalezo kubadlali wokuthi bengazifakeli igcindezi ngoba nje sebebheke ukuthi bafuna ukunqoba lendebe abagcina ukuyinqoba ngo 2019 kanjalo futhi ngakolunye uhlangothi badlala bazi ukuthi ozonqoba lendebe uyobe esezibekisele indawo kumaqembu azoyodlala kwi fifa club world cup ezoba kuwo lonyaka. Uzokhumbula ukuthi vele amaqembu amabili asezibekisele indawo kulomqhudelwano okuyi Al Ahly okuyiyona evikela lendebe ye champion league bese Kuba yi Wydad Casablanca eyayinqoba ngonyaka Ka 2021/22.
Umqeqeshi weqembu Miguel Cardoso naye ubonakale ematasa noma emadla ekulungiseni imiqondo yabafana bakhe kunokubafaka ejimini, njengoba ubebonakala ekhuluma nabo ngayedwana isikhathi esiningi umdlali no mdlali ukuze ebehlise ukwethuka okuhambisana negcindezi yomdlalo wanamuhla. Kanti bazimisele nokuqhubeka nomsebenzi wabo omuhle asebewenzile kulezi nyanga ezine ezendlule.
Kungokokuqala lamaqembu etholana phezulu esigabeni somkhumulajezi njengoba bezobhekana namuhla kusihlwa ngo 21:00 ngokwesikhathi sase Ningizimi Africa. Mamelodi Sundown nayo ayigayelwa mphako phela njengoba bengakusho konke abakufunayo kodwa nayo imiphumela yabo iyazikhulumela njengoba nabo beyiziqhwaga zaka mumva zase africa.
Ngaphadle kwalo mdlalo ukhona omunye oqhubekayo njengamanje ophakathi kwe
TP MAZEMBE vs AL AHLY Umdlalo uqale ngo 15:00
Imilenze yesibili izoba ngesonto elizayo