Abafundi ababili basesikoleni iDaveyton Skills School eBenoni bagwilize emfuleni iHennops ngaseCenturion ngesikhathi bephume nesikole ngoMsombuluko.
Okhulumela uMnyango wezimo eziphuthumayo edolobheni laseTshwane uCharles Mabaso usiqinisekisile lesi sigameko.
Uthe izikhulu zithole ucingo ngabo-3.15 ntambama ngomhlaka-15 Ephreli.
“Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola ukuthi kugwilize abafana ababili abaneminyaka ephakathi kuka-13 no-16.
“Kusolakala ukuthi abafana bebebhukuda emanzini ngesikhathi sohambo lwesikole,” kusho uMabaso.
Izidumbu zitholwe ngabatshuzi beSouth African Police Services kanti abezimo eziphuthumayo bahlonzwe njengabashonile endaweni yesigameko.
“Izimo eziholele ekutheni kugwilize zisaphenywa ngamaphoyisa eSAPS,” kusho uMabaso.