Igcine ilutholile usizo intokazi yaseBergville leli phephandaba eke yabhala ngayo icela usizo lokunikelelwa ngesihlalo esizihambelayo ngenxa yokuthi lesi esejwayelekile asiyisizi okubangelwa yindlela ekhubazeke ngayo.
UNosiphiwe Khumalo ona-37 wase-Oliviershoek, eBergville ngaphansi kuka-ward 08 kuMasipala wasoKhahlamba ujabulise okwengane ngesikhathi u-Ayanda Msweli we-Ayanda Msweli Foundation emlethele isihlalo sakhe esisha esihamba ngogesi.
UNosiphiwe bese kunesikhathi eside ecela usizo kosaziwayo nosomabhiinisi abehlukahlukene kuleli kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Abanye bebethembisa ukumsiza kodwa kuthi mase kufike isikhathi sokumsiza bashaye unqomphothwe, abanye bengabe besaphendula nemilayezo yakhe.
Lentokazi ithi isizokwazi ukwenza imisebenzi yayo eyenzayo emphakathini njengoba engomunye babantu abakhathalele umpgakathi wangakubo. Unosiphiwo unenhlangano eyaziwa ngokuthi yi-Onesiphiwo Foundation ahlose ngayo ukufundisa abantu bangakubo mayelana nokukhubazeka okwehlukahlukene.
Ubonge kakhulu ku-Ayanda Msweli wathi lokhu akwenzile akwenze nakwabanye.