Aziwuhlanganisi umlomo izinduna zesizwe samaNgwane ngesenzo esenziwa nguyise ozala iNkosi yesifazane yase Bergville sokunyukubeza indodakazi yayo ngikoncansi.
Lezinduna zithi isizwe siyazi ngalento kanjalo nebasendlunkulu bayazi kodwa akekho noyedwa okhuluma ngalendaba ebuhlungu kangaka kunyukubezwa iNkosi ngokocansi uyise oyizaloyo.
Lona owesilisa kuthiwa uzivumele ngokwakhe emaphoyiseni ase Bergville ukuthi wayidlwengula indodakazi yakhe eyiNkosi yaMangwane ngesikhathi idle amanzi amponjwana.
Lona wesilisa uboshiwe uzovele kafushane enkantolo yeMatshi yase Bergville kusasa ekuseni.
Izinduba zicele wonke amalunga omphakathi ukuthibeseke inkosi yawo.