Sekungusuku lwesithathu abasebenzi betoho baku maspala wase Alfred Duma abasebenzela eMnambithi bevuke umbhejazane bavala amasango angenela endaweni lapho besebenzela khona .
Laba basebenzi betoho bathukuthele bangane unwabu ngesenzo sikamaspala sokuqasha abasebenzi abasha ekubeni bekhona njengabasebenzi abangaphakathi kumaspala.
Labasebenzi baveze ukuthi kuqashwe abasebenzi ababili kumnyango wabo bazoshayela imishini yokukhanda umgwaqo.
“Into esicasula kakhulu ukuthi umaspala awusihloniphi ulande indadavu yekhehla ezoshayela umshini le eNdaka ekubeni bathi uma kuzoqashwa ngokugcwele bazoqala babheke ngaphakathi kuqala.” Kusho umsebenzi obengabambeki intukuthelo
Labasebenzi baneminyake emibili kuyangaphezulu besebenza njengetoho eAlfred Duma.
Bathi kungani uma kunamathuba kulandwe abantu eNdaka kodwa abantu base Ndaka abafuni kusebenze abantu abasuka ngase Mnambithi.
Baveze ukuthi bafikile abe hhovisi lakwandaba zabantu “HR” kwamasipala kodwa akukho okutheni abakushilo kubo.
Bathi uma nje umqashi engakafuni ukuza kubo lukhulu luyeza liyanyelela njengoba sebekhathele ukungahlonishwa umqashi.
Kanti kuze kube imanje umaspala awukaze uphendule ngalolundaba.