I African National Congress (ANC) kumaspala wase Mvoti ibambe imashi enokuthula ebibheke emahhovisi ezamanzi nokuthuthwa kwendle kuloya maspala.
Amalunga e ANC athi kuyihlazo okweziwa umkhandlu uMzinyathi ukuthi uhluleke ukubaphakela amanzi ikakhukukazi e Ward 14 bathi amanzi sebewezwa ngemphunga njengamazambane.
Ingxenye yomphakathi waka ward 14 eNgome uthi unyaka odlule ucisho waphela ungenamanzi kuthiwa kufe izinjini, ezize-zalungiswa ngasekupheleni kwawo unyaka odlule.
Kumanje lomphakathi uthi sekuphindile futhi lokho njengoba ungasenawo futhi amanzi kubikwa kona futhi ukufa kwezinjini kanti amaloli amanzi awabonwa.
Unobhala we ANC kwiSifunda i-Nkosi Bhambatha Region uMnuz Lucky Khumalo uthi izindawo ezinjengo Nhlalakahle , eDolobheni nezinye amanzi awatholakali kanti namaloli amanzi awanalo uhlelo oluqondile lokuhambisa amanzi.
“Sinike umnyango wenzamanzi nokuthuthwa kwendle kanjalo nomnyango wezokubusa ngokubambisa kanjalo nobuholi bomdabu izinsuku ezingu 14 ukuthi usiphendule ngendaba yamanzi kanjalo nomkhandlu wase Mzinyathi futhi sifuna uMzinyathi uphuncwe ilungelo lokuphakela amanzi ngoba uyahluleka”. Kusho uKhumalo.
Kanti umkhandlu uMzinyathi wona uthi uhambise uhlelo lwentuthuko edidiyelwe obeluseShane, eMvoti.
Bathi indawo yaseMvoti kuzofakwa amanzi eSnambothi azodla isamba sika-R19.7 million kanti KuWadi 1 kuzofakwa amanzi azodla isamba sika-R6.5 million bese kuqedelwa koMvoti Landfill Site okuzodla u-R10 million njengoba kufakwa kwamanzi eMuden okuzodla u-R23.8 million kusho uMzinyathi.