Inhlangano yamatekisi iSouth African National Taxi Association (SANTACO) ithi ihlela ukwethula uhlelo olusha oluzovumela abagibeli ukuthi babhukhe izihlalo uma behamba amabanga amade nge-internet.
Amatekisi kubikwa ukuthi ayindlela esebenza kahle futhi engabizi kakhulu, ikakhulukazi yokuhamba amabanga amade.
Alinganiselwa ku-30 000 kuya ku-50 000 amatekisi abehla enyuka emigwaqeni ephithizelayo kuleli ngempelasonto ende yePhasika.
Okhulumela iSANTACO kuzwelonke uRebecca Phala uthi banethemba lokuthi bazokwethula lolu hlelo ekupheleni konyaka.
“Sivivinya lolu hlelo ezingxenyeni ezithile zeGauteng kanye nasezingxenyeni zaKwaZulu-Natal lapho sinamakhadi abantu abawathengayo, bawafake amaphuzu abenza bakwazi ukudlula beqe bebe ngaphambili kulayini uma befika emarenki. . Kodwa kusobala ukuthi sibheke ukwethula uhlelo olusezingeni eliphezulu kakhulu oluzovumela abagibeli ukuthi babhukhe izihlalo zabo benethezeke emakhaya abo. Ngokufanayo nalokho ongaba nakho ebhizinisini lamabhasi nezindiza. Yinto esithemba ukuthi ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi izobe isifezekile.”