namuhla umkhandlu waseNdumeni uzohlala umhlangano wokudingida isiphakamiso sokukhipha umeya kamaspala wase Ndumeni uSyabonga Ndlovu.
Iqembu Abantu Batho Congress (ABC) lifake incwandi yokungabuthembi ubuholi bukaNdlovu. Lencwadi ifakwe ikhansela uMbulelo Phakathi.
Kwenye yazinto evezwa ilencwadi kaPhakathi ukuthi uNdlovu uyahluleka ukuchaza ukuthi yatshontshwa kanjani imali engu R90 000 kumaspala njengoba kwangena amasela ayishaqa ngaphakathi esisefeni ezindlini zikamaspala wakhona eNdumeni.
Lomhlangono uzoba namuhla ekuseni kuzo izindlu zikamasipala wase Ndumeni kanti izihlalo ezakha umkhandlu waseNdumeni zingu 13. I ANC -5, IFP -5, DA-2, ABC -1 ukuze uwine umkhandlu wase Ndumeni udinga ezihlalo ezingu 7.