Iqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana nebukeka yenza kahle ngaphnasi komqeqeshi uHugo Bros kungenzeka ilahlekelwe yilomqeqeshi kungekudala.
Ekuqaleni kwaleli sonto kuvele izindaba zokuthi uHugo Broos usevumile ukujoyina iqembu lesizwe laseTunisia.
Ngokombiko weMosaique FM, uBroos useswele nje indlela azoshiya ngayo kwiBafana ngoba usenenkontileka neSafa.
ISafa ikuchithile lokhu, nentathelo yalo msakazo yayijia inkulumo, yathi babezwe kushiwo njalo ngoFebhuwari.
IBafana ibonakala ihlangana kahle ngaphansi kwesandla salo mqeqeshi waseBelgium.
Ilale isithathu kwi-Africa Cup of Nations muva nje, kanti nasemidlalweni yokuzwana amandla yakamuva ibonakale iza kahle impela.
IBafana ibambane ne-Andorra uBroos esebenzisa iqembu elingajwayele ukudlala, elinabadlali abesafuna ukubabheka kahle.
Iphinde yabambana ne-Algeria ngo 3-3 eNelson Mandela Stadium e-Algiers ngoLwesibili ebusuku (ngoLwesithathu ekuseni ngesikhathi sakuleli).
Idlale ibhola elivuselele uthando lwaleli qembu kubalandeli abadele ubutongo ukulibuka.
Kodwa lamahlebezi okuthi uBroos uyashiya yiwo adunga yonke injabulo kanti nenkakha yakuleli, u-Doctor Khumalo useveze okwakhe ukukhala ngalokhu.
“Sizomkhumbua kakhulu uma egcina ngokuhamba,” kusho le ngqwele kwi-SABC Sport la beyihlaziya khona lo mdlalo wangoLwesibili.
“Ekugcineni, kubukeka sengathi kukhona la sibheke khona, sibheke la afuna siye khona. “Manje asisakhulumi ngokuthi sisakha iqembu, sesikhuluma ngokukhula kwalo nenqubekela phambili.
“Laba bafana abadlale kulo mdlalo we-Andorra bangichazile. Ngijabulile ngengxenye engu-60-70% yabo,” kuchaza le nkakha.
Isimo sikaBroos sizobhekwa ngabomvu njengoba iBafana izobhekana nezimbangi ezindala iNigeria emdlalweni obalulekile ngoJuni.
Ukuya kulo mdlalo nomqeqeshi omusha kungayilimaza kakhulu iBafana kwazise naye uzofika nezinto zakhe ezintsha.