Iqembu lase Bergville i-African Poeple’s Movement (APEMO) lethule usomqulu walo wezethembiso zokhetho eSandlwana eBergville
Leli qembu elihola umaspala wasoKhahlamba ngokubambisana ne-ANC neNFP lethule usomqulu walo izolo ngeSonto.
Umengameli we APEMO uVikizitha Mlotshwa nguye owethule usomqulu wezethembiso zokhetho kubalandeli baleli qembu.
u Mlotshwa uthi u holumeni we Apemo uyizwi labantu futhi uyikusasa le Ningizimu Africa. Uthi into eseqhulwini kubona ukuthuthukisa izindawo zasemakhaya nobukhosi ,ukuqeda omahamba nendlwana bemitholampilo kodwa kube nemitholampilo eseduze kwabantu.
Akazange akhulume ngendaba yo R1500 ake akhuluma ngayo ngaphambilini lapho ayethi uzonika abahlali lemali inyanga nenyanga.