Usihlalo we Economic freedom Fighters i-EFF ngamafuphi oThukela uMbongeni Shange usekhwele wadilika ezinkundleni zokuxhumana eqenjini le- IFP oThukela ngendiza ebeyindiza ezindaweni ezahlukahlukene ikhankasela ukhetho.
uShange ebhala ekhasini lakhe kuFacebook uthe, “ngisale ngibambe ongezansi iqembu leNkatha oThukela lukhetha ukuqasha indiza ngo R300 000 ukuzobungaza ukuthi abantu abanamanzi, esikhundleni sokufaka ompompi abagwedlwayo ababiza uR60 000 iyinye engaphakela umphakathi obalelwa ku 200. Yaze yabazonda abantu, baso Thukela i IFP. Umphakathi weqa intiki emigwaqeni kunuka yonke indawo, ibulala nemigwaqo kodwa okungcono ukuthi kundize indiza enophephela emhlane.”
Kanti nonobhala we ANC e Josiah Gumede Region uBonga Hlomuka naye uhambe emazwini kaShange egxeka i-IFP yasoThukela ethi iyivuma kanjani into enjena abantu bengenamanzi.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela usihlalo weNkatha oThukela uMbuzeleni Mkhize engakaphawuli ngaloludaba.