Umongameli weNational freedom Party (NFP) uMnumzane Irvin Barnes, usihlalo weNFP KwaZulu Natali uMbali Shinga namuhla bahambele indawo yase Mnambithi ngenhlaso yokuzokhuthaza amalunga e NFP ngokhetho oluzayo nokuzowaqinisekisa ukuthi kulonyaka balungenele ukhetho.
uBarnes ukuqinisekisile ukuthi iqembu leNFP lilungenele ukhetho futhi lizihlinzeke zonke isimfanelo zakwa IEC.
UBarnes uveze nanokuthi i-IEC ithembisile ukubuyisa imali eyikweleta i-NFP ngoba ikwazile ukuveza wonke amaphepha ebeyiwadinga ngokwezezimali.
u-Irvin Barnes akazange afuna ukungena kakhulu ukuthi ubani i-NFP efolose ngaye kwisifundazwe sakwaZulu-Natal. Uthe izikhundla bazozibona emva kokhetho okwamanje basebhekene nempi yomkhankaso.
Uphinde wabonga izakhamizi zaseNingizimu Afrikha ngokubaseka nokubabakezelela kuzozonke izinkinga ebebenazo. Wabathembisa ukuthi manje sekungumlando ukuthi ngeke balungenele ukhetho.