Unogada eBela-Bela, eLimpopo, sibhekise isibhamu salo somsebenzi kuzakwabo kulandela ingxabano eshubile esontweni eliseRadium lapho bebemiswa khona ngoSuku Lwamalungelo Abantu.
Laba balisa ababili bebesemsebenzini ngesikhathi kuqubuka ingxabano, egcine ishubile, kwaholela ekutheni elinye iphoyisa lidubule elinye.
Isisulu esineminyaka engu-37 ubudala sidutshulwe amahlandla ambalwa saphuthunyiswa esikhungweni sezokwelapha esiseduze nalapho kubikwe ukuthi sisesimweni esibucayi.
Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uColonel Malesela Ledwaba, uthe umsolwa ubalekile endaweni yesigameko ngokushesha ngemuva kwesigameko washiya isibhamu somsebenzi egumbini lonogada.
Amaphoyisa avule icala lokuzama ukubulala kanti asephume umkhankaso wokuthungatha umsolwa.
UKhomishana wamaphoyisa e-SAPS eLimpopo uLieutenant-General Thembi Hadebe usigxekile isigameko sokudubula.
“Sinesiqiniseko sokuthi ithimba labaphenyi lizolandela umkhondo bese libopha umenzi wobubi ukuze abhekane nengalo yomthetho,” usho kanje.