UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza, uthi usale ethukile futhi emangele ngesehlo sokuhlukunyezwa kwengane esithwetshulwe ngekhamera safakwa ezinkundleni zokuxhumana.
Le video esabalale ezinkundleni zokuxhumana iveza owesifazane eshaya ingane yakhe ngesicathulo.
Okhulumela uMnyango, uMnuz Mhlabunzima Memela, uthe lesi sigameko sithuse umphakathi waKwaNongoma lapho senzeke khona lesi sigameko.
Le ngane iyelulama esibhedlela.
Uthi umama oneminyaka engu-24 uboshiwe ngamaphoyisa nophiko olubhekene nodlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi oLundi kuleli sonto ngecala lokushaya.
Uvele eNkantolo yeMantshi yaKwaNongoma ngoLwesibili.
UMemela uthi amalungu omphakathi abikele amaphoyisa kwase kube uyaboshwa njalo.
“Kunezingane ezimbili eziphuthunyiswe esibhedlela umama wazo eboshiwe. Kuyisigameko esibi kakhulu futhi esibuhlungu ngoba ubungalindela ukuthi umama asebenzise ezinye izindlela zokuqondisa izingane uma kwenzeka kukhona okubi akwenzile.
Yingakho sihlale sikhuthaza imiphakathi yethu. Kunezinye izindlela ezamukelekayo zokujezisa ezinganeni zethu kunokuhlasela kwalolo hlobo.”