Umfana oneminyaka eyisithupha ushise imoto yohlobo lweMercedes Benz SUV emgwaqeni uPricklepear eWaterloo, KwaZulu-Natal, ngoLwesine ntambama.
UPrem Balram, okhulumela iReaction Unit South Africa (Rusa) uthe bathintwe isakhamuzi ngoLwesine ntambama sicela usizo.
“Ngesikhathi befika, abeReaction Officers bathole imoto ivutha amalangabi.” “Ngokusho komnikazi wemoto le moto ibisafile ipakwe egcekeni. Indodana yakhe eneminyaka eyisithupha ubudala ibidlala emotweni ngesikhathi lemoto igqamuka amalangabi isha. Uvumile ukuthi usebenzise umentshisi ukuyishisa.”
Abezicishamlilo bafike ngemuva kwesikhashana bacisha umlilo