Izinduna zesizwe samaNgwane ezingamashumi amane 40 zibe nomhlangano eDukuza enkantolo yenkosi eMangwaneni Traditional Counsel izolo .
Lezinduna azeneme njengoba sekuphele unyaka zingaholi kodwa zisebenzela isizwe saMangwane.
Enye yezinduna engathandanga ukuthi kudalulwe igama layo ithi sekunezinyanga ezingaphezulu kweshumi nane (14) ingaholi.
Lenduna isola ukuthi kukhona abantu abaziholelayo ngoba uma bebuza uNdunankuku wesizwe samaNgwane akaphumeli obala ngalodaba .
Izolo bagcine sebebambe umhlangano ukuzofuna izimpendulo ngoba bayobona koze kube nengxabano kanye nokuchitheka kwengazi esizweni.
Babe sebecela ungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu uNkz Bongiwe Sithole-Moloi asondele ukuzoxazulula lenkinga ngoba basola ukuthi kunesandla semfene kulondaba lokunga holi kwabo.