INkantolo eNkulu yaseGauteng ePalm Ridge igwebe uSifiso Mkhwanazi ngecala lokubulala abadayisa ngomzimba abayisithupha eGoli.
IJaji uCassim Moosa uthole umsolwa oneminyaka engu-21 ubudala enamacala amaningi, okuhlanganisa namacala ayisithupha ngalinye, elokubulala, elokudlwengula, nelokuphula umthetho, kanye nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Nokho inkantolo imkhululile uMkhwanazi ecaleni lokugebenga esebenzisa isihluku, yamlahla ngecala elincane lokweba elihlobene neselula yesisulu.
UMkhwanazi, owenza lamacala endaweni yokusebenza laph uyise elungisa khona izimoto phakathi kuka-Ephreli no-Okthoba 2022, wavuma amacala okubulala, wathi lezi zenzo zakhe zobugebengu bekungukuziphindiselela kuzisulu ngenxa yokufuna imali eningi uma ethenga.