Abafundi baseMnambithi TVET College bagcwele ngaphandle kwenkantolo yase Mnambithi lapho kuzovela khona abafundi besikhungo semfundo ephakeme uMnambithi Tvet College.
Laba bafundi abazovela enkantolo baboshwe izolo emva kombhikisho obukhona wayizolo lapho abafundi balesi sikhungo bebekhala khona ngezinkinga ezithinta imali yoxhaso lukaNSFAS.