NgoMsombuluko osonhlalakahle abangasebenzi, bephelekezelwa ngodokotela abangasebenzi, bawumise nse umgwaqo uLangalibalele, eMgungundlovu, ngesikhathi bemasha bebheke ehhovisi likaNdunankulu waseKZN, befuna ukuqashwa ngokugcwele. Leli qoqo, elicikwe wukungabikhona kwemisebenzi kusukela ngo-2013, belihlose ukubhekana nalolu daba ngokuthi lithumele umqulu wezimfuno ehhovisi likaNdunankulu, ogxile eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal.
Laba basebenzi bezenhlalakahle bagcizelele ukuthi uma bengene emnyangweni, bangabamba iqhaza elibalulekile ekwehliseni inani labantu abahlala ezitaladini ikakhulukazi kulelidolobha ngokunikezela ngezeluleko ezingabenza bakhumbule ekhaya.
Ukuzibophezela kwabo kwadlulela ekunikezeni ukwelulekwa okuphelele kanye nokwenza lula ukuhlangana kabusha kwabafokazi nemindeni yabo. Naphezu kokuba bake bahlela amamashi ambalwa phakathi kwedolobha ngaphambilini, osonhlalakahle bathatha ihhovisi likandunankulu njengesinyathelo sabo sokugcina, okubonisa ukuphuthuma nobukhulu bezinkathazo zabo.