Izakhamuzi zaseMpophomeni ezidinwe zigane unwabu zisamile kwelokuthi umama oshiye ingane encane ekhaya wayophuza ethaveni naye kumele abekwe icala kulandela isigameko esinyantisa igazi sokudlwengulwa kwengane enezinyanga ezingu-19 kwashiswa nomuzi.
Omakhelwane babone ilangabi lomlilo, babe sebezama ukucisha bahlenga ingane ebingaphakathi endlini ebinemihuzuko namanxeba ekhanda, base bebikela amaphoyisa. Umama waboshelwa ukungayinakekeli ingane, kanti amaphoyisa aphenya amacala okudlwengula nelokuzama ukubulala. Lona wesifazane kuthiwa ukujwayele ukushiya ingane yakhe ingagadiwe ahambe ayophuza, uke wabhekana nezinkinga nangaphambili ezivela emndenini wakhe.
Okhulumela amaphoyisa aseMgungundlovu, uSergeant Sifiso Gwala, ukuqinisekisile ukuthi umama waboshelwa ukungayinakekeli ingane ngoMgqibelo.
Uqhube wathi amaphoyisa aphenya icala lokudlwengula nelokuzama ukubulala, kodwa bekungakaboshwa muntu.
Ingane, okumanje iyelulama esibhedlela, ike yahlukunyezwa phambilini. Umphakathi wakulendawo ufuna kwenzeke ubulungiswa enganeni futhi ukuchithile ukuthi unina ukhona. Ikhansela lendawo linxusa amaphoyisa ukuthi asheshe abophe abasolwa. UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi ugcizelela ubugebengu bokunganakwa kwezingane, ugqamisa isidingo sokungenelela nosizo emindenini ebhekene nezinkinga zokusebenzisa kabi izidakamizwa.
Osonhlalakahle bathembise ukuthi bazoqinisekisa ukuphepha kwengane.