IMeya yomkhandlu uThukela Inkosi Ntandoyenkosi Shabalala wethule ngokusemthethweni osonkontileka ababili abazokwenza umsebenzi wokufaka amapayipi amanzi elokishini laseSteadville edolobheni eMnambithi.
Kulomsebenzi izinkampani i-Melokuhle Trading Enterprise ne DLV Project Managers and Engineers (Pty) Ltd zizoshintsha ipayipi le-asbestors elidala zifake amanye amathathu azokhuphula umthamo wamanzi ophakelwa leli lokishi okungelinye elinabantu abaningi.
Ngenkathi ethula labo sonkontileka, iMeya itshele izakhamuzi ukuthi uma lomsebenzi usuphelile kuzo hlomula imizi engu 8167 eyakhele leli lokishi futhi izolungisela nokunyuka kwesibalo sabantu abazohlala ngesikhathi esizayo.
Kanti Inkosi Shabalala iphinde yathi lomsebenzi uzothatha izinyanga eziyishumi nambili njengoba bazolwazi ukuqasha abamntu abangamashumi ayisithupha 60 ukuze bathola amathuba olusebenza.