Njengoba inkinga yokushoda kwamanzi ihlasele ezindaweni eziningi ngaphansi kukaMasipala wesiFunda uThukela, ubuholi balo masipala obuholwa yiMeya inkosi uNB Shabalala buhamba ngesivinini ukusiza labo abakhahlamezeke kakhulu ngokuhambisa ompompi abagwedlwayo. Lokhu kuza ngemuva kokuthi iMeya waloMaspala Inkosi NB Shabalala, uSihlalo woMkhandlu wezaManzi nokuThuthwa kweNdle u-MM Khoza, uKhansela SV Shabalala, iMenenja kaMasipala uMnu LS Jili kanye neMenenja Yokusekela uMnu u-S Masoka bethule iMayibuye Drilling eGudlintaba, e-St Chad’s ukumba umgodi.
Ngokusho kweNkosi uShabalala, lokhu kuzosebenza njengebore hole ojwayelekile okwesikhashana, kodwa inhloso yesikhathi eside kuzoba wukuguqula ube yimigodi yokukhiqiza amanzi azosabalaliswa emphakathini. Lokhu kuzobe sekumpompa amanzi echibini eliphezulu entabeni. Izobe isixhunywa emapayipini ahlela ezindaweni ezifana noGudlintaba, Ncinjane naseNgoje.
Njengamanje, lezi zindawo aziwatholi amanzi njengoba kudingeka. Ngokuka Cllr Xaba weWadi, yizindawo eziphansi kuphela zaseGudlintaba ezithola amanzi njalo.
Cishe sekumbiwe amaborehole ayisishiyagalombili kuMasipala wendawo i-Alfred Duma. Inhloso enkulu wukwengeza ukuhanjiswa kwamanzi kanye nokulawulwa kwesidingo. Umasipala wesifunda sasoThukela uphezu kwemizamo yokuqinisekisa ukuthi yonke imiphakathi iyawathola amanzi.