Kuhlomule imindeni engamakhulu amabili(200) ohlelweni lika thisha omkhulu weskole iMangcengeza high school esiseMatiwane.
Uthisha omkhulu wesikole saseMatiwane iMangcengeza high school uMnu Nkosenhle Makhubo kanjalo nobuholi besikole nobomphakathi badlulise amaphasela okudla kanye nemifaniswano yezikole engamashumi amahlanu(50) yabafundi bezikole ezahlukehlukene endaweni waseMatiwane.
UMakhubo uthi njengomuntu osemusha futhi ookuzalwa eMatiwane uzwe obukhulu ubuhlungu uma ebona indawo yangakubo kwaVimbukhalo icwila emanzini ngenyanga ephelile.
Lokhu bakwenze ngosizo lomnikelo abaluthoke ezinkampanini ezahlukeni
Kubongwe kakhulu othisha base Mangcengeza, Masoyi , Inkosi Nhlanganiso, Inkosi Thembela nazo konze izokole abambisene nazo ukwenza loluhlelo lube impumelelo.
uMakhubo uthi yize isikole sakhe singenzanga kahle kulonyaka kumatikuletsheni njengoba sithole u46% kondwa uyathemba kulonyaka izinga lokuzimisela liphezulu kakhulu wanxusa nomphakathi ukuthi awubambisane nothisha ukusiza abafundi bathole imiphumela emihle nencono.