Kumuncu endaweni yaseVubamasi eMgungundlovu njengoba izakhamuzi zazisethukile ngokubulawa kukaThulisile Zuma. NgeSonto ekuseni, uZuma uhlangabezane nesiphetho esibuhlungu sempilo yakhe phambi kwengane yakhe, okusolakala ukuthi kwenziwe umuntu wesilisa abesondelene naye kakhulu.
Umsolwa kubikwa ukuthi usebenzise ibhodlela eliphukile ukumnquma uqhoqhoqho esemzini kamngani wakhe khon eVubamasi. Ukulandelana kwezigigaba kuvele ngesikhathi umsolwa efuna uZuma ehilizisana nabantu abebephakathi, kwaze kwadlulela esigamekweni sokuhlasela esidlule nomphefumulo wakhe.
Okhulumela amaphoyisa esifundeni uMgungundlovu uSergeant Sifiso Gwala uthe uZuma ubesemzini kamngani wakhe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
Uthe umsolwa waya endlini kamngani kaThulisile eyombheka khona.
“Ngesikhathi umngani ebheka ukhiye wokuvulela umsolwa, yena (umsolwa) waya emzini kaZuma oseduze wabiza indodana kaZuma. Utshele indodana ukuthi unina akafuni ukumvulela, wabe eseyiqhuba lengane ukuthi kuzob yiyo ezocela ukuthi unina avule.
“Indodana yaqonda endlini lapho okwakukhona unina, yafike yangqongqoza emnyango baze bavula. Umsolwa wabe eseqala ukulwa nowesilisa amthola esendlini noThulilsile wamshaya ngebhodlela ekhanda,” usho kanje.
UGwala uthe umsolwa wabe eseqonda ngqo enganeni kaThulisile lena afike nayo ngenhloso yokulimaza nayo, nokuthe uma umgilwa ezama ukulamula, wase emgwaza ngalo ibhodlela maqede wamnquma uqhoqhoqho. Icala lokubulala liphenywa ngamaphoyisa asePlessislaer. umsolwa usagcwele amathafa kanti amaphoyisa ayamthungatha.