Owesifazane wase Weenen osekhulile usehlale iminyaka engazi ethathe ini ahlanganise nani engenawo nomazisi.
UMama owakwaNtshaba waseWeenen endawen ebizwa ngokuth iseMadulanweni uphila esimeni esingathokozisi njengoba engenayo i ID nokuyiyo ebingalekelela ukuze abhalisele impesheni. ugogo uNtshaba udla amaphilisi uthi isikhathi esiningi kuyaphoqeleka ukuthi awaphuze engazange akuthi mbibi ukudla.
Osukwini layizolo uMeya wimkhandlu iLangalibalelelibalele uMnu Mduduzi Sobholenyoni Myeza uhambele kwaNtshaba nalapho efike washiya ukudla wabe esethembisa ukuthi uzolekelela ugogo ngomazisi aphinde amakhele umuzi ukumkhipha kulesisimo abhekene naso.
UPhathiswa Qwabe okunguye obhale ezinkundleni zokuxhumana emcelela usizo uthi kusifiso sakhe ukuthi logogo agcine elutholile usizo njengoba esehlupheke isikhathi eside.
UGogo ubonge kakhulu ukufika kuka Myeza wathi unethemba lokuthi usezosizakala emva kwesikhathi eside abantu befika bemthembise behambe bemushiye nethemba lokuphinde babuye.