Bebephume ngobuningi babo abathandi Kanye nabalandeli bebhola lezinyawo bakuleli ukuyokwamukela iqembu lakuleli le Bafana bafana, njengoba lithelekile kuleli namuhla ekuseni libuya empini ebibanjelwe ezwenikazi lase Ivory Coast.
Iqembu le sizwe okuyi bafana bafana litheleke namuhla esikhumulweni sezindiza okuyi OR Tambo nge hora 5 ekubeni bebelindeleke ukuthi batheleke nge hora 4 kodwa kwaba nokubambezeleka.
Elakuleli kulokhu alibuyanga lilambatha, kodwa Kuna lokho libuye kukhona elikuphethe esandleni njengoba bephethe indondo ye Thusi, nokuyinto enhle kakhulu neyagcinwa ukubonwa eminyakeni 24 eyendlule.
Okunothisekile ngenkathi kubungazwa injabulo ye bafana bebe khona abaholi Kanye nabalandeli babo bezepolitiki kanjalo no Ndunakulu wase Goli Mnu. Panyaza Lesufi ehambisana nogqogqoshe wezemidlalo kuleli uMnu. Zizi Kodwa Kanye no Mongameli we bhola lakuleli uMnu. Danny Jordan.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba umongameli uthe iqembu lakuleli lidlale kahle kakhulu bayaziqhenya ngomsebenzi wabo bonke kusuka kubadlali Kuya kubaqeqeshi Kanye nethimba labo uthe Uma ubheka indlela abadlale ngayo kusuka emdlalweni yama qoqo kuze kuyofika kuma Semi final iyagculisa iyakhombisa ukuthi kuyiwa kuphi.
IBAFANA igcine ithole indondo ye Thusi ngokuthi ishaye izwe lase DRC Sekukhahlelwa ama penalty ngo 6_5.
Indlela yabo ebiqonde kwindondo yabo ayiqalanga kahle njengoba yaqala ngesibhaxu sika 2_0 sibhekene nezwe lase Mali kodwa sakwazi ukuvuka sizithintithe ngemva kwaloyo mdlalo njengoba sakwazi ukunqoba ngo 4_0 sibhekene nomakhelwane bethu (Namibia) sase sidlala ngokulingana nezwe lase Tunisia nokwenza sindlule kwi sigaba samaqoqo sinama phuzu 4.
Last 16 kwamele luqine kakhulu ukhakhayi sibhekene nezwe lase Morocco njengoba kwayiwa kuloyo mdlalo kuyi yona izimfivilithi ekutheni bazozinqobela kalula nje kodwa akubanga njalo njengoba elakuleli lazinqobela kalunje lona ngo 2_0, kwalandela ama Blue sharks(Cape Verde) Sekukhahlelwa ama penalty 2_1 nalapho Unozinti wethu Ronwan Williams aziqophela khona owakhe umlando ngokuba ngowokuqala Unozinti ukuthi abambe ama penalty amane (4) umhlaba wonke.
Umkhumbi ufike wazikiswa yizwe lase Nigeria kuma Semifinals Sekukhahlelwa ama penalty ngemva kokuthi Umdlalo wawu phele ngo 1_1 kodwa saphinda savuka sayicosha futhi sesilwela indawo yesithathu nezwe lase DRC.
Umqeqeshi we bafana akayi ndawo lezi ndaba ziqinisekiswe uyena Kanye umongameli wathi uzohlale kuze kuphela ikontileka yakhe ne phela (2026),Naye Umqeqeshi waziqinisekisa lezindaba zokuthi uzohlala umsebenzi awukapheli njengoba behlalelwe ukuthi bathethe lelizwe baliyise kwi ndebe Yomhlaba ezoba ngo 2026,wathi okumnandi ukuthi emdlalweni yabo yokuhlungela Lomqhudelwano bazo bhekane nezwe lase Nigeria futhi amahlandla 2 nokuyilapho okuyomele kutholakale khona umthoba nhliziyo ngalokhu abakwenzile kubona.
Kanti Umdlalo wabo wokuqala uzoba nge 03 June kulonyaka bese umlenze wesibili ube ngonyaka ozayo. Kanti kumanje I Bafana iku nombolo 2 kuleli qoqo ngemva kokuthi bawunqoba Umdlalo wabo wokuqala bebhekene nezwe lase Benin base beshaywa ekuhambe ngo 2_0 Rwanda.