Bathuka izanya abantu base Wyhoek eMnambithi kulandela ukudubuleka kwabantu bebuka emngcwabeni.
Umphakathi wakuleyandawo namuhla ubuyongcwaba insizwa yakwaThungo okubikwa ukuthi yadutshulwa eGoli.
Ngokujwayelekile kunalomkhuba owenziwayo uma umuntu edlule ngesikhali (isibhamu) kuyaye kuqhunyiswe izibhamu emathuneni.
Ilunga lomphakathi elingathandanga ukudalulwa lithi bebesemathuneni ngesikhathi umfundisi eqeda kubusisa kwabe sekuzwakala kuqhuma inganono. Lona wesilisa okuthiwa ubeqhumisa isibhamu ebhekise phezulu ube esehlisa isandla nokungaqondakali noma ukhathalile ukubhekisa phezulu noma ubesezitshela ukuthi izinhlamvu ziphelile yini.Kube sekudubuleka abantu abathuthu oyedwa ushonele khona lapho omunye washonela endleleni eya esibhedlela kanti lowesithathu ulimale kabi usesibhedlela.
Lona odubulile akukacaci ukuthi kwenzekeni ngaye ngoba sekunembiko yokuthi uzibulele ngemuva kokubaleka esigamekweni.