Kube yinjabulo osukwini lanamuhla lapho umnyango wezemfundo ephakeme kuleli bewuvala umcintiswano wamakhono obubanjelwe esifundazweni saKwaZulu-Natal ethekwini eINkosi Luthuli Convention Center.
Abafundi abavela ezikhungweni ezahlukahlukene kuleli ikakhulukazi ema TVET college babe yingxenye yomcintiswano obizwa nge World skills South Africa nobungowesihlanu kulonyaka.
Labafundi bebeqhudelana kwimikhakha efana neyokupheka, ukushisela, ukuthunga,ukucwala izinwele, ukwakha isindlu, Robotics kanye neminye eminingi.
UMqondisi jikelele wezemfundo ephakeme kuleli uDokotela Nkosinathi Sishi ethula inkulumo yakhe uthe abafundi kuzomele bengathathi ama TVET njengezikhungo abaphephela kuzo ngoba bengathathwanga emanyuvesi kodwa mabasebenzise lelithuba ukuyozicija ngamakhono ahlukahlukene okuzobasiza bathole nemisebenzi okanye bazivulele ababhizinisi.
UMqondisi ube esenikezela ngezindondo kulabo abawinile nalabo ababambe iqhaza kwimikhakha engu 22 yamakhono, ube esebonga kakhulu kubafundi, abasebenzi bomnyango kanye nabaxhasi.