Owesilisa wase ndaweni yase Blue Bank eMnambithi uhlomule emnyangweni wezolimo wesifundazwe iKwaZulu Natal ohlelweni lokuthuthukisa abalimi basemakhaya abane ntshisekelo emkhakheni wezolimo.
UMnuz Vukani Khumalo osusha uthi ujabule ngohambo lwakhe kulomkhakha ngoba wawuthanda esemcane. Uveze ukuthi ube ngumelusi epulazini lomlungu wangakubo eBlue Bank iminyaka elishumi nesikhombisa 17.
UKhumalo uthi ubengaholi okutheni kodwa umlungu wakhe ubonga ngenkomo eyodwa njalo ngonyaka.
Kwaze kwaphela iminyaka eyishumi nesikhombisa 17.
Uthi ubefake isicelo sokulekelelwa ngezinkomo ngoba ufuye izinkomo zenyama, umnyango umthole enezinkomo ezingamashumi ayisishangalombilo 80, Mnyango wezolimo kwisifundazwe wamuxhasa ngezithole ezingamashumi amahlanu 50 kanye nezinkunzi ezimbili.
Kanti uNgqongqoshe wezolimo kwaZulu Natal uMnuz Super Zuma uthe kuyisiqalo lokhu okwenzeke ku Khumalo Uma engazimisela nje umyango uzomulekelela ngokuningi.
Uthi umnyango umxhase ngezinkomo ezingamashumi amahlanu nambili 52 ,ugandagada kanjalo nemishini yokulima ukuze azokwazi ukuqhubeka nokusebenza.
uZuma ukhuthaze abantu abasha ukuthi ababonele ku Khumalo ngoba imali isenhlabathini.