Umphakathi wase Zwelisha eMtshezi uthi ufuna izimpendulo ngebhuloho uD69 Klein Boesman River elakhiwa ngemali engu 30 million ngonyaka ka 2018 kuze kube manje alikaze laphela futhi akekho umuntu obachazelayo ngalo.
Lomphakathi uthi kulukhuni kakhulu njengoba kuyihlobo nje futhu Kuna lezimvula ngoba akuweliki kunjalo sekwaze kwamuka nabantu kuloya mfula. Ilunga lomphakathi ebelithukuthele libila lithe ” yabona ke manje sesikhathele futhi nje umasekuyi skhathi soku khankasa bangazixaki ngokuza la eZwelisha ngoba isinqumo sisithathile asivoti uma lo 30 million ungaveli futhi kungaboshwa muntu”
Kanti uKhansela we DA kumaspala Inkosi Langalibalele u Musa Nkala uthi unyaka wesihlanu lo leli bhuloho lokhiwa lingapheli futhi ngisho nosonkontileka ngathi sewahamba endaweni yokusebenza. Uveze ukuthi Kade umphakathi wase Zwelisha ukhala ngeleli bhuloho nango mfula omukisa abantu bakuleya ndowo.
Njengoba izimvula zina nje, ibhuloho lesikhashana elingezansi kwaleli elingapheli, okuyilo kuwelwa kulo okwamanje, nalo lesigcupheni njengoba amanzi egijima phezu kwalo.
Ngenkathi uNdunankuku wesifundazwe sakwaZulu Natal u Nkkz Nomusa Dube-Ncube ethula lelibhuloho, wakuqinisekisa ukuthi iminyango efana nomnyango wezokuthutha kanye nomyango wezokubusa ngokubambisa kanjalo nobuholi bomdabu bazokwenza isiqiniseko sokuthi leliyabhuloho liya lungiswa futhi liyaphela.