Wehle kanzima uMfundisi webandla laseLeap Of Faith Family Church entabeni yokukhuleka emva kokuhlaselwa abebemsola ngokweba imfuyo.
UPastor Sibongiseni Ndlovu kanye namanye amalungu ebandla lakhe benyukela entabeni eyaziwa ngokuthi yiSanzwili endaweni yakwaPata eMgungundlovu ngehora leshumi nanye ngolwesihlanu ebusuku ngenhloso yokuyokhuleka phakathi kwamabili. UNdlovu uthi bathi besephakathi nomkhuleko bezwa abantu bebasho ngenhlamba nesondela ngakubo kodwa baqhubeka bakhuleka, “ngathuka kakhulu uma befika eduze bephethe izibhamu,” kuchaza uNdlovu.
“Bafike bavulela ngendulu kumalungu ebandla ebesihamba nawo nokuthe emva kwesikhathi babona ukuthi ngathi bashaya abantu okungafanele, bathi bebethi amasela ezinkomo,”kuqhuba uNdlovu.
UNdlovu uthi isiminingi iminyanga behambela lendawo bekhuleka kokdwa bayaqala ngqa ukubhekana nalesi simo. LoMfundisi uthi lokhu ukuthatha njengokuvivinywa okubhekiswe kubantu bakaNkulunkulu futhi angeke bayeke ukukhuleka kulendawo.
Amanye amalungu alelibandla athole ukulimala okungatheni. Akukho cala elivuliwe ngalesi sigameko.