Ngemuva kwesingameko sango Mgqibelo izinduna zeSilo uMisuzulu KaZwelithini sezithathe isinqumo sokuvala uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma kuzo zonke izinto ezithinta ubukhosi bakaZulu.
Lesi sinqumo sithathwe ngemuva kothuthuva oluqubuke emcimbini wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo kwaCeza ngoMgqibelo.
Lo mcimbi uvele wagubuzelwa ihlazo ngesikhathi uDuma egxavuna umbhobho ephazamisa uNdunankulu kaZulu uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, ethi akayeke ukukhuluma ngoba uyanhlanhlatha.
Induna uMuzi Nyandeni ithi isinqumo sesithathiwe sokulwa nokuhlazwa kweSilo uMisuzulu KaZwelithini athi kwenziwe uDuma.
“Besifuna ukumshaya kodwa sivinjwe umthetho ongasivumeli ukuthi siphakamise izikhali phambi kweSilo. Ngenxa yokuthi awukwazi ukushaya ingane phambi komuntu omdala okuyiSilo, sinqume ukuviva eduze kwesteji simkhombisa intukuthelo yethu.
“UDuma kumele asitshele ukuthi nguye yini okumele aqoke oNdunankulu besizwe samaZulu njengoba ephonsele iSilo samaZulu inselelo obala wadelela isinqumo saso sokuqoka uMfundisi uButhelezi. Sithathe isinqumo sokumvala kuyo yonke imicimbi yasebukhosini,” kusho uNyandeni.
UNyandeni uthe imininingwane egcwele ngesinqumo izodalulwa ngolwesithathu.